kalimah.top
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

thando zide – zungalikhohlwa كلمات اغاني

Loading...

[verse]
kugcwele engqondweni yami
ngisindelwa yintliziyo
ubuso bugcwele iinyembezi zay’zolo
ngilahlekile ekuzuleni kwengqondo yami
ngicela ukungazibwa nguwe
mngani w_ngempela
ngibone noma seng’ashongo
ukuthi angiphilanga
nginokuphelelwa ngamagama
ngibone noma seng’sindelwa yihlombe
uze ulikhumbule elami igama
[chorus]
nanti lempi engifuna uyibone
impi yomphefumulo
impi yangaphakathi
‘zungalikhohlwa nami elami igama
nanti lempi engifuna uyibone
impi yomphefumulo
impi yangaphakathi
‘zungalikhohlwa nami elami igama

[verse]
izulu liyoma nini ukunginela
liguqubele
nawe mngani wami ubongitshela
uma ufuna ngikubambe ngesandla
(siguqe na) sithandazele ukuhliselwa komthwalo
namandla okuqhubekeka
ngohambo esikulo

[chorus]
umthwalo uzohliswa ngok’bekana emkhulekweni
zungalikhohlwa
nanti lempi engifuna uyibone
impi yomphefumulo
impi yangaphakathi
‘zungalikhohlwa nami elami igama
ngithandazele
guqa ngamadolo ulibize elami
impi yangaphakathi
zungalikhohlwa elami igama
nanti lempi engifuna uyibone
impi yomphefumulo
impi yangaphakathi
‘zungalikhohlwa nami elami igama

كلمات أغنية عشوائية

اهم الاغاني لهذا الاسبوع

Loading...