
sipho gumede - egoli كلمات أغنية
was’ak’sas’ ekuseni
ngizovuka ngiye estishini
ngizothatha istimela esiya kwadurban
o, sala nezingane, angazi noma ng’yobuya
noma ng’yofela khona le, emigodini egolide
thula, mus’uk’khala
sula lezo nyembezi
thula, mhlaw’mbi ng’yobuya
thula, mus’uk’khala
kubuhlungu
qina njengomama
ubheke izingane
sengithembele kuwe njengesthandwa sami
kade siwa sivuka
sinethwa yizimvula
kodwa ngazicabange ukukushiya wedwa
o, thula, mus’uk’khala, sula lezo nyembezi
thula, mhlaw’mbi ng’yobuya
thula, mus’uk’khala
kubuhlungu
mas’hambe, s’yosebenza
o, ngisebenzel’ izingane
ngizoshona phans’emgodini yеmigolide
o, mus’uk’khala, ngizobuya
mm, ngizobuya (ngiyobuya, kubuhlungu)
ngiqinel’ umuzi wam (ngiyobuya, kubuhlungu)
ubhek’ abantabami (ngiyobuya)
sithandwana sam (kubuhlungu, ngiyobuya)
mm, ungilindе, ngizobuya
mm, we’mntakwethu
mm, ngizobuya mina
angikushiyi wedwa
ubhek’ abantabami
ungilinde ngizobuya mina
(mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
(mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
sukulila wena (mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
[?] (mus’uk’khala)
ngoba ng’zobuya mina (ngizobuya sthandwa sami)
sengiyosebenzel’ izingane zethu, mama (mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
o, my lovie, my lovie, isithandwa sami (mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
isithandwana sami (mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
sukulila wena, sukulila wena, sukulila (mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
sengisebenzel’ iingane zethu (mus’uk’khala, ngizobuya sthandwa sami)
كلمات أغنية عشوائية
- yung died - shawty du bist wunderschön! كلمات أغنية
- cecilio g. & nerobeatz - pero yo si كلمات أغنية
- the kid laroi - winter time love (v2) كلمات أغنية
- dpc123 - good vibes كلمات أغنية
- kosi/szczur - to wydarzyło się naprawdę - oprócz tego, co zmyśliłem كلمات أغنية
- arturs skutelis - bēgums كلمات أغنية
- tony evans jr. - if you're ever in georgia كلمات أغنية
- dhurata dora - solo كلمات أغنية
- stormwarning - call of the wild كلمات أغنية
- epilog. (be) - sky كلمات أغنية