
nxumalo nkosingiphile - ubenakho konke كلمات أغنية
ubenakho konke, ubenakho konke
useqenjini labalindele imiphumela uthandazela ukuphumelela
akhumbule iziyalo zomfowabo wozalo luphinde lumshaye kancane uvalo
konke bebekukhathalela futhi nesikhathi besibavumela
izifiso abenazo ekhula bezinkulu, kepha ukusebenza ngokuzikhandla kwamhlula
ubuyekeza unyaka nezinto abezenza zigcwale amehlo
akakholwa nasi isehlo simehlela, akakholwa nezinyembezi zazehlela
uthi ngizenze mina ngaphila impilo ngijahile, sikhuluma nje uyasaba ukuphinda emumva, angithi kunemfula ayiwela ngenhlanhla
yazi, kunzima ukusebenza kanzima
khona manjalo ngapha omunye uthi; qalamaphansi, makungalunganga qalamaphansi
ilanga selishonile sekuhlwile, nesikhathi sokuvuna sesifikile
abanye bejabule udumele, ubona okuhlomulile
ikusasa liluvindi ubona impilo imile
ususele wedwa nabangani behlehlile
isikhathi sesambile nenqola yempumelelo isikushiyile
uqhuzukile namaphupho esefile
izitha zigiya zikubona usuwile
ngisho mina, mhla ungasasiboni nesidingo sokuthi uphile!
kulungile, makungalunganga qalamaphansi…
qalamaphansi, yazi akazuzanga lutho nalo owagcine eyekile
zithuntuthe vuka ubheke phambili, ukuhluleka kuveza ithuba lesibili
ungakhathali, qalamaphansi
كلمات أغنية عشوائية
- aline wirley - a gente ecoa كلمات أغنية
- inphormaticus engenhus - piça de engenheiro كلمات أغنية
- amanda ferrari - o relógio de deus كلمات أغنية
- shebeel661k - classroom كلمات أغنية
- eric ryan - missing piece (feat. tylor jay santos) كلمات أغنية
- turkdajxrk - fxck sh!t كلمات أغنية
- sensitiva immagine - la favola di narciso ed eco كلمات أغنية
- charlie yama - it's only me كلمات أغنية
- s club 7 - stronger (atfc twelvetoten vocal) كلمات أغنية
- aintsoslow - memories, part one كلمات أغنية