
ntombela - ukuzindla كلمات أغنية
verse 1
ngizindla into engapheli, ngisentabeni ethize anginalo ikheli/ yizimpi ezingapheli ngapha izinsizwa zikhipha into engaceli/ kunemizwa engazilweli, isingixakeni kule lizwe elingazweli/ kunezifiso ezingangineli, kodwa futhi kunezinto engingazisweli/ cishe inicindezela, noma kungeke sicishe incindezelo/ kusemqondweni k’phela inkululeko izikhulisa okwemvelo/ ibukisa ngezithеlo ezijahe ukukhula zishiye amalungеlo/ ngihleka inhlinini sizothi sibuya iskhathi ngishintshe uhlelo/ uzwelo alunamehluko, ukusiza oyedwa kuncedeka imidumo/ mak_me ngomumo izinyawo emsakazweni sikhande isidumo/ ngeke uphinde umazi ongeke akhiphe imali ukuba nodumo/ vele nezimbungulu zithanda abanikazi kwazi usdumo/ angibathandi, ngiyabazonda, ngoba basibekele umncele/ nabangani bathi nginonya, bathi ngeke ngibingelele/ sanibonani? ninjani? nikhona? “siyamazi kwamele simncele”/ nje cabanga ngisangaphansi kuzobanjani ngiphumelele?/
chorus: sibonga impilo, sibonga ukuthi amanzi asalwisa umlilo/ sibonga isimilo, sibonga ukuthi umama akayigqoki inzilo/ sibonga isimo sivule ilihlo lethoba labona uthingo/ sibonga ukuthi sikwazi ukubonga amathonga sesingekho isidingo/ x2
verse 2
izinzule zizula izulu, umthala, umhlaba, zibalekela ikubo/ nami ngingaphezulu ngihamba izintaba ubhaka uphatha isixubho/ ngathi usasidida lomhlaba umama ungivulela amahubo/ ngiyazi ekhaya noma k’banda aba_koena bangincisha ingubo/ uph’ umdali? ngoba inkosana ikhonza amakhosazana/ angil’ hambi isonto, ngisang_ya ngiyobona abesifazan/ usayinhlava ngoba lisakuhlula legama lokuthandana/ uzoba yimvemvana uthande uchuku, kunuke sanhlavana/ “bamba lana”, kusho izingane emuva zibona lemibala/ mayingatholakala kuzoba ukuthi wubani oyibone kuqala/ lomhlaba ulimele yingako sesikhuthaza nokukakhala/ bafuna ukuwulapha, badonsa amakhubalo ngekhala/ ngikhetha ukusala, anginandaba ukuthi ipilisi liphatha impilo/ futhi bangangibali kulo daba ngisakulo_mkhathimpilo/ ngishisa impepho kuphela, istimela asifiki kithi bengishilo/ niyazi ithemba yimi ningase nijabule ngiphenduke ichilo/ bridge: [hayden kula] yes our hand wield power , yes our hands wield power, yes our hands wield power… yes our hand wield power , yes our hands wield power, yes our hands wield power…
chorus: sibonga impilo, sibonga ukuthi amanzi asalwisa umlilo/ sibonga isimilo, sibonga ukuthi umama akayigqoki inzilo/ sibonga isimo sivule ilihlo lethoba labona uthingo/ sibonga ukuthi sikwazi ukubonga amathonga sesingekho isidingo/ x2
كلمات أغنية عشوائية
- sadex - rokau كلمات أغنية
- the steeles - god is even greater كلمات أغنية
- jilax & psyfeature - ketamine كلمات أغنية
- oneshot.wav - tanto fek كلمات أغنية
- the rusty snails - what a dog will do كلمات أغنية
- katerina lioliou - magkia sou كلمات أغنية
- pup - falling outta love كلمات أغنية
- n0vella - flower (demo) كلمات أغنية
- luca hänni - love is a lie كلمات أغنية
- mishovy silenosti - dota je pro malý děcka (český league of legends song) كلمات أغنية