cishababhemu - ngiyababona كلمات الأغنية
[intro]
ngiyababona ngiyababona
bagxoba phekwami
ngiyababona ngiyababona
bagxoba phekwami
ngiyababona ngiyababona
bagxoba phekwami
ngiyababona ngiyababona
[verse 1]
ng’bona ikhehla el’shay’ igudu, esandleni liquketh’ ingudu, ekhanda k’dum’ ub’guzuguzu, ekhaya akezukubuya eb’suku
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona indoda endala edlula ngemoto enombala ophuzi
inhloso uk’diliza umkayo bese ibuy’ ibheka abafundi
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona isalukazi s’godl’ umxhaka s’dlula la ngey’ntatha
indodakazi ishiye umntwana naso ijahele abafana
manje ugogo uphoqelekile ukuthi avuk’ ayozama
ukuze ingane ingabulawa y’ndlala ngoba kay’nacala
ng’bona lentokazi edlula njalo la ntambama ikhala
ithi abafana badlala ng_yo ngoba kay’nababa
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona lamajongo ahamba eyibutho ahlal’ ehlomile
ak’khona ukuy’vikela kepha itoho lawo ukuze aphile
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona labantwana abahlezi behleka la bedlala
omunyе wabo ufihle izibazi ngob’ uhlukunyezwa ekhaya
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona loya mfundi oyеdwa ohlez’ entongela ngekhala
akas’yekanga ethanda is’kole, wakhathala ukuhlala ekhala
ng’bona omunye uhamba yedwa naye ushona khona ekhala
ngoba nguye yedwa ongaguqula isimo sasekhaya
ng’bona omunye uhamba ehleka yedwa usebizwa ngohlanya
naye akazenzanga, umona osuk’ esweni lika mzala
ngiyababona
ngiyababona
[chorus]
ilanga lisashona entshona lisaphuma empumalanga
izimo zalomhlaba, namanje umhlaba uyahlaba
ithemba lisakhona na?
ilanga lisashona entshona lisaphuma empumalanga
izimo zalomhlaba, namanje umhlaba uyahlaba
ithemba lisakhona na?
[verse 2]
ng’bona lelibandla elihlezi liqoqene lapha ngesonto
kuhlezi k’nikelwa kodw’ umfundisi akay’khiphi eyesondlo
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona nalobaba ohlezi epha abahluphekile imali
inhloso ukweba iy’nhlanhla zabo ngoba uthwele ngenhlwathi
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona loya mntwana ophila kahle ohlez’ enabangani
es’xukwini sakhe nguye yedwa osanabo abazali
ng’bona omunye ohleka naye kodwa ukhala ngaphakathi
ugodle iy’nhlungu zeminyaka ekhula yedwa engenabani
ng’bona omunye naye eduze kwabo usevez’ elomhlathi
kodwa ngaphakathi enhlizweni ufisa impilo kamngani
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona indoda ehamba igqub’ inqola endala egcwel’ izibi
indaba yakhe kayaziwa bamthwala bamnquma ulimi
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona umama okhangezile obelethe nengane eqolo
wabanjwa inkunzi ezobhalisela ingane imali yeqolo
ngiyababona
ngiyababona
ng’bona ababuya emazweni bequketh’ iy’dakamizwa
ng’bona odadebethu bey’thatha kubo bevuka imizwa
ng’bona nabafwethu bey’thenga befuna uk’daka imizwa
ng’bona befa nek’sasa labo el’setshenzelwe kanzima
ng’bona mina ng’gcwele indawo ub’sika nehlobo ng’yazitshwa
ngabe beza kimi bezozinza kepha bayang’sika
ngiyababona
ngiyababona
[outro]
bagxoba phekwami
كلمات أغنية عشوائية
- matteoh - losses كلمات الأغنية
- renami kurtis - skeleton كلمات الأغنية
- youngboy never broke again - hey pops كلمات الأغنية
- grim $ludge - i envy those who are dead كلمات الأغنية
- kid flex & franco banda - nada es igual كلمات الأغنية
- john dowland - faction that ever dwells كلمات الأغنية
- pegboard nerds & nghtmre - superstar (alexi. remix) كلمات الأغنية
- sophi piper - me كلمات الأغنية
- madeline fretz - diario de maria كلمات الأغنية
- tony catt - bored كلمات الأغنية