kalimah.top
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

bandile da poet - thula mntwana كلمات الأغنية

Loading...

chorus (xoczin double dot)
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni

verse (bandile da poet)
kunomsindo engiwuzwayo
kunephimbo elinkenenezayo lithi “thula thula sana, thula mntwana umama uzobuya”
kodwa owami ng’yazibuza ukuthi uzobuya kanjani ebe eng’khiphile ebhodleleni wayongfaka emgqomeni

esami isiqalo sempilo siqale esiphethweni
ebunzimeni hleze s’yophelela emoyeni
mina bandla lakwethu ang’nalo igama
ngingajabula uma kukhona ofisa ukung’qamba
noma ngingaba ungoneni ngoba angazi ngangoneni
langikhona izinja z’yangithapha
amabhodlela ayanghlaba kanti nethumbu lami liyakhala
angithi mina ngingumlahlwa owazalwa ngephutha lenkanuko nokuhala

ngazalwa ngenhloso yemfudumalo yes’khashana kodwa seng’thola ukubanda kw_ngunaphakade
mama ngihleli emakhazeni izimvula z’yanginetha nenyama yami iyangokuphela, amatsheketshe ayang’qeda
umoya wami uya ngokuphela
nami mama beng’fisa ukuphila
ukuphiwa igama, beng’fisa ukuganga
bengf’isa ukuzwa umuzwa wokuthanda, wokukhala
wena mama kepha w_ngipha impilo yeskhashana

mama nginemibuzo, kungani?
kungani ung’phuce ithuba lokuphila hleze beng’yoba udokotela wamagama phecelezi “imbongi”
ngikubhalele inkondlo emnandi hleze ethi “mina umama ngiyamthanda”
mhlampe mama beng’yoba is’bani sakho sempilo
mhlampe ung’qambe umpilo
kepha wena mama w_ngincisha impilo
kodwa ke ang’bambe gqubu nansi nemphefumulo eyasala kulemiqgomo isinglanda
noma mama ungiphe inzondo kepha mina ng’yakuthanda

chorus (xoczin double dot)
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni

كلمات أغنية عشوائية

كلمات الأغاني الشهيرة

Loading...